Sthandwa seMpilo Yam’
Ngiyazi kulemnyaka edlule,
Impilo ayikaze yalula kuwe.
Ayizange ikhombise ukuba nozwelo
Ubugobhoza izinyembezi nsuku zonke
Kuse ekuseni uyibambe ishisa
Abukho ubuhlungu obukuqhube phansi
Imicabango yokuzibulala, ayiphumelelanga.
Nhliziyo Yam’
Ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga.
Ukungiseka kwakho ezimweni ezinzima.
Ungihlenge osizini sengicwile ngekhanda
Wangifundisa ukuzithanda, wangithanda.
Waba nami iSthandwa Sami singishiya
Wahlala nami ngenkathi abangani bekushiya
Uphuke kaningi ngenxa yami, kodwa wahlala.
Eqinisweni, uwena umngani wami weqiniso.
Nhliziyo Yam’… Ngiyabonga 👏🏽