“Ngyaxolisa, Cela uphinde

Ube umngani wam futhi”

Amagama engihlezi ngiwaza

Lawa inyanga nenyanga

Kwesinye isikhathi kuba iminyaka

Angazi ukuthi ngonaphi

Zyanda cela wazi

Ukuthi ngisenalo uthando lwakho

Noma wena ungasakuboni lokho

Emva kokuba siqhelelene

Impilo yami yashintsha

Ngisho oSne

Sebehlezi bengiphula intliziyo

Besengikuthatha njengosisi kimina

Engikhuluma naye yonke into

Nezimfihlo zethu lezi ezincane

Esinazo besitshelana zona

MaSbiya ngyabonga

Ngothando owangibonisa lona

Nangona wangishiya nethunzi

Lobumnyama lokuthi ngingaphinde

Ngithandwe ngumuntu