NGIZONDA UBSUKU

Unkosikazi Mdluli ebalisa ngokuthi kombe lizoshona ilanga kufike ukuhlwa kube sebusuku. Ekhala ubumayamaye ngenhliziyo ethatha ebeka ngobusuku obusondelayo. Ebuka nesikhathi impela siliyagamanxa elesihlanu ihora sekubikezela khona impela ubusuku.Ubalisanje usefile isibhaxu, nomshizi ovele ukhwezwe ekhanda ligxize igazi lize lehlele esiphongweni, akugcini lapho impama emvala amehlo kubemnyama bhuqe. Angiphathi eyenkonzo yasekamelweni yendluzula emshiya ediyazela, lehla ngemlenze igazi emva kwesbhaxu asithola njalo makuke kwafika ubusuku sekubuye umyeni wakhe uMdluli ephuma ematshwaleni. Esenele ukumshaya nokuyitika ngenkonzo yasekamelweni, noma engathandi kunkosikazi uMdluli akalokothi acele nhlobo. Uveleke afune okuyangasethunjini njalo emva kokumenzakalisa.Pho uzothini wayalwa mhla ephuma emagcekeni akwa Dlamini eyogana kwaMdluli kwathiwa , awusobe nhlobo waxoxa amahlazo omyeni wakho lowo muzi wakho. Nempela akayithi vu nakomakhelwane lendaba. Ngizonda ubsuku esho ngenhliziyo aphinde aphimisele nangomlomo ngithi ngiyabuzonda ubusuku.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA.