Uma ngibuka wena mntanami impilo Yami iphelele, ngikhohlwa wonke amaphupho nezifiso esingafezekanga, ngijabulela usuku nosuku usempilweni yam, ukufika kwakho emhlabeni kwakungahleliwe kodwa wena mntanami awusilo iphutha, Uma usezinhlungwini ngifisa ukuziletha Kimi, Uma ukhala ngifisa ukukududuza, noma ungiphoxa ngiwumzali wakho ngyakuxolela ngoba ngiyohlezi ngikuthanda ngikufisela konke okuhle mntanami.