Umthokozisi inhliziyo kaMakhubela

Noma bengam’biza ngeshangane,

ukuthi akaze behlangane naye.

Ngimthanda ukufa ke uMakhubela,

noma ningangehlulela,

kumnandi njengoshukela,

okwethu kuyaqhubeka.

Uyindoda emadodeni, i’nsizwa ziphelele.

Futhi ukube niyazi ukuthi uyangiculela,

ethi ” hita famba moyeni nkatanga”

Hay ke induku enhle igawula ezizweni,

mina ngeke ngatshelwa yini.

Sengiyahamba ke niyong’fica eLimpopo,

ngisayo zakhela umuzi wami.

Inhliziyo yami izitholela ukufudumala nothando,

umphefumulo wami uyajabula imihla nezolo.

Inhliziyo yami ithola lokhu ekudingayo,

njenge bhanoyi elindizayo,

” hita famba moyeni nkatanga”