Intaba azihlangani abantu bayahlangana Kuyisibusiso kumina ukuhlangana naye

Ngibona ngifunde lukhulu ngiyam’thanda

Baqala babona baqala bakhuluma banyipha

Shuthi bayabona ukuthi kuzohambakahle

Kona bathi okungapheli kuyahlola

Kodwa ngithi akes’dokoze wena owabona uTan-wall

Sobabili sinayo inkathi eyedlula ngempilo zethu

Lakukhona indlela nothando lukhona

Angazi kozala nkomoni kodwa eyami

Inhliziyo ikhethe yena thembalami

Angeke ngikuthembise izulu nomhlaba

Ngeke ngikhulume okungekho nokungakenzeki

Kepha ngithi asinyathele ngalo lolu

Esihamba ngalo inhlonipho ikhona

Uthando lukhona uxhumana kukhona

Bayeke abakhulumayo bakhulume

Nenja ihamba phambili indleleni

Ongaboni uyotshela ongaboni ngoba

Ngiyamthanda