Ngiyakhala

Namanje ngisakhala ngesthandwa sami sak’dala.

Umathandana wami engangimthanda naye angithanda.

Ngithi mangimbuka ngiyithole sengimamatheka amawala.

Ingayinhle intokazi inyathela ngabantwana lalela,

Ngangimthanda engithanda into nje sase ngabantwana,

Bafika bamthatha.

Bakithi ngiyakhala ngikhaliseni!

Sewangishiya engangithi ngizoba naye ebundimeni nasebuhleni.

Ekukhanyeni nasek’hlweni.

Mina ngazi ubhlungu bokuphuqwa iqatha emlonyeni.

Bathi kumnandi othandweni,

Ngoba bangazi othandweni kusesihogweni esisemhlabeni.

Lalela ngiyakhala!

Int’engikhalisayo akuwona manga kepha ukthemba amanga.

Kanti wentomb mung’qoma ubungiqomela ukungishiya noma ukungithanda,

 Mina angisatholi.

Inhliziyo yami kuwena ngayiletha isebenza kod ibuya ayisasebenzi,

Kanti uwumbulali yini.

Ngangithi ngizoletha iinkomo kini,

kodwa manje seng’saba nokundlula ngakini.

Inhliziyo wayithatha wayigodla,

wayithembis ukuyithanda,

kanti ubuconde ukuyiphula namhlanje ngiyakhala.

Ngiyakhala