Nami ngiyafisa, kwesinye
is’khathi kulunge.
Ngilok’ ngiyabekezela
Okwanele, kanti ngiyohlupheka
Kuze kube nini?
Ukuphuma kwelanga.
Ukushona kwelanga,
Zimuka nomoya.
Imvula inetha kulabo ebathandayo,
Is’bhakabhaka sesimangaliso sihlobisela
Labo esibathandayo.
Nelanga liphilisa labo elibathandayo.
Ubumnyama bomhlaba bufika vele
Impilo imnyama phezu kwalokho ixega.
Kwesinye iskhathi inkumbulo yamagama
Abuhlungu, adlala okwefilimu.
Ngempela ngisehluleki,
Ngempela angisi yinto yalutho.
Manje ngiphilelani?
Umawami ong’zalayo uyophatheka kanjani?
Uma ngifulathela ilanga, Ubuhlungu engidlula kubo.Ubunzima bona! Ngenxa yokuzobonakalisa, nokuthi nami ngibe ngothandiweyo.Ngiyafisa, Ngiyafisa nam’
Ukuthandwa njengabanye.