UDlungwane KaNdaba
Odlunge emanxulumeni
Kwaze kwas’ amanxulum’ esibikelana.
USishaka kasishayeki
UNodumehlezi kaMenzi
ILemb’ eleq’ amany’ amalembe ngokukhalipha .
Umlilo wothathe kaMjokwane
Umlilo wothathe ubuhanguhangu,
Oshise izikhova eziseDlebe
Kwaye kwasha neziseMabedlane.
UDlungwane luya luhlezi
Luya ludlondlobele
Luyadla lubek’ isihlang’ emadolweni.
Ilanga eliphume linsizwa
Lathi liphezulu lankone.
Ubusika nehlobo behlukene,
NabakwaNtombazi nabakwaLanga.
Umoya womzansi womngenelo.
Ohlez’ ubangenela nangomnyango.
Oth’ esadl’ ezinye wadl’ezinye,
Wathi esadl’ezinye wadl’ezinye.
Ngoba inkosi kayiqedwa