UDlungwane KaNdaba

Odlunge emanxulumeni

Kwaze kwas’ amanxulum’ esibikelana.

USishaka kasishayeki

UNodumehlezi kaMenzi

ILemb’ eleq’ amany’ amalembe ngokukhalipha .

Umlilo wothathe kaMjokwane

Umlilo wothathe ubuhanguhangu,

Oshise izikhova eziseDlebe

Kwaye kwasha neziseMabedlane.

UDlungwane luya luhlezi

Luya ludlondlobele

Luyadla lubek’ isihlang’ emadolweni.

Ilanga eliphume linsizwa

Lathi liphezulu lankone.

Ubusika nehlobo behlukene,

NabakwaNtombazi nabakwaLanga.

Umoya womzansi womngenelo.

Ohlez’ ubangenela nangomnyango.

Oth’ esadl’ ezinye wadl’ezinye,

Wathi esadl’ezinye wadl’ezinye.

Ngoba inkosi kayiqedwa