Ngiphila kowami ngedwa umhlaba,

Nginganyana nje esakhula,

Ingane esafunda ngezimo zempilo,

Sengihlala ngikhala nje,

Inkinga ziza zilandelana lakimi,

Abangani bayangijikela,

Babukisa ngami,

Bahlekisa ngenhlupheko yami,

Bathi angisoze ngiphumelele,

Sengiphenduke isqila sezidakamizwa,

Ngyazama ukukhuluma nabantu

Kodwa kuyafana ,

Nobaba wangiphika ngisemncane,

Umama yena akazigqizi qakala ngempilo Yami,

Nasesikoleni sengiyela ukudla

Lokhu engingcishwa kona ekhaya,

Inkinga ziza zilandelana lakimi,

Ngiphila kowami ngedwa umhlaba.