Ngiphe Baba isibindi
Sokubhekana nemini enkulu eyesabekayo.
Satshelwa kwathiwa uyeza uyeza
Ngisho umhla wokuphela.
Lapho ilanga liyoshona emini
Kuphele bonke ubuqhwaga nobuqhawe.
Ithendele liyobindwa isidwa
Nobani akhumbule amazwi emihla ngemihla.
Sishunyayeziwe kodwa asizwanga
Ozwile ubonakala ngezenzo hayi u Amen.
U Amen ulula usho ukuvuma
Kodwa inkinga izenzo ziyaqhubeka.
Ungafunga sicofa inkinobho uyima masiyesontweni
Masibuya sicofe uqhubeka iqhubeke imisebenz’yobumnyama.
Ngiyathanda mina ukukhonza
Kodwa inhliziyo yam ilukhuni.
Imandla ekwenzeni izinto
Eziphambene nokholo.
Ukuqina kwelanga nemvula ezinamandla
Kungifakela amanzi emadolweni.
Ngizizwa ngimsaba umdali
Ongumnini wenkinobho yokufa nokuphila.
Imvelo ingeyakhe, izwayena futhi
Mayithanda angathumela uzamcolo.
Ngisho ilanga lilodwa
Lingaqeda ngathi kungabindaba zalutho.
Kusale kuxoxwa umlando
Ngesizwe esingalalelanga.
Ngiphe Baba isibindi
Sokwehlula konke okuphambene nawe.