Ngiphe Baba isibindi

Sokubhekana nemini enkulu eyesabekayo.

Satshelwa kwathiwa uyeza uyeza

Ngisho umhla wokuphela.

Lapho ilanga liyoshona emini

Kuphele bonke ubuqhwaga nobuqhawe.

Ithendele liyobindwa isidwa

Nobani akhumbule amazwi emihla ngemihla.

Sishunyayeziwe kodwa asizwanga

Ozwile ubonakala ngezenzo hayi u Amen.

U Amen ulula usho ukuvuma

Kodwa inkinga izenzo ziyaqhubeka.

Ungafunga sicofa inkinobho uyima masiyesontweni

Masibuya sicofe uqhubeka iqhubeke imisebenz’yobumnyama.

Ngiyathanda mina ukukhonza

Kodwa inhliziyo yam ilukhuni.

Imandla ekwenzeni izinto

Eziphambene nokholo.

Ukuqina kwelanga nemvula ezinamandla

Kungifakela amanzi emadolweni.

Ngizizwa ngimsaba umdali

Ongumnini wenkinobho yokufa nokuphila.

Imvelo ingeyakhe, izwayena futhi

Mayithanda angathumela uzamcolo.

Ngisho ilanga lilodwa

Lingaqeda ngathi kungabindaba zalutho.

Kusale kuxoxwa umlando

Ngesizwe esingalalelanga.

Ngiphe Baba isibindi

Sokwehlula konke okuphambene nawe.