Ngimnyama ngimnyama
Ngiyekeleni ngikhulume.
Obam ubumnyama obemvelo
Abuxutshwe nalutho.
Ngiwu mAfrika woqobo
Omnyama njengoba wazi nawe
Kuthiwa siyindlu emnyama.
Obam ubumnyama ngabamukeliswa emazulwini
NoNkulunkulu uyazi ngadalwa uyena.
Ngilele noma ngiphupha
Ngizibona ngimnyama.
Kuze kugcwalise nabakama ngesandla
Bathi lo umnyama.
Ngiyazigqaja ngobumnyama bam
Obungihlusayo sezihlangene zoke izizwe.
Indaba ixoxwa yikhala
Nekhanda liqedele ngezinwele ezisongene
Nje ngoboya bemvu.
Ngimnyama ngimnyama.