Ntokaz’emhlophe enjengezihlabathi zolwandle 
Ngihambe amagqhuma amane omhlaba ngifuna onjengawe angizange ngamfumana 
Ngilozi yokulunga wena nhliziyo imhlophe qhwa 
Wena owangifundisa imiyalelo eyishumi 
Ibiyini yona kunezinyanga eziyisishiyangalolunye ngihlez’esbelethweni esivundile 
Imiyezane
Qhawekazi lami uhlezi lapho esihlalweni sobukhosi 
phela wena ubukhosi bukufanele 
Namhlanje ngikuthwesa imiyezane emine 
mine ngakwelami icala kodwa ngokobukhosi ingamakhulu
Ngikwethesa imiyezane emine 
owokuqala uthando,namhlanje ngikwazi ukuthanda nokubona uthando ngamehlo enhliziyo nalo thando kungenxa yakho owesibili ukunakekela nakuba ngiyanakekela kuyimfundiso yakho yemiyalo eyishumi 
Nkosazane anginawo amaningi kodwa yonke lemiyezane ipendwe ngokumbala oyigolide 
Angazi noma kumele ngithi oyidayimane kodwa ngithi oyigolide,bengiyini mina umuntu kazana nje bekungangithatha iminyaka eyishumi ukuthola igolide kodwa ngoba kukufanele wena akungithathanga namzuzu 
Ngiqhubeke
owesithathu imfundiso,Imfundiso iqala ekhaya 
Okusho ukuthi imfundiso enginayo iqale kuwe,Ngayidlulisela nasesizukulwaneni sakho
Owesine,ukubonga ngibonga angiphezi ngothando, ukunakekela, imfundiso ngibonga ngiphelelwa nangamazwi kepha ngithi kuwe thatha nansi imiyezane yakho Ntokaz’emhlophe.