Ukuthula kusuke kungasho ukuthi umuntu akakwazi ukukhuluma; kungasho futhi ukuthi akakwazi ukuphimisa amagama aqojeme.
Ngikhetha ukuthula ngezikhathi zonke ngizishaye samuntu oyisithulu noma impumputhe ukugwema ingxabano engenasidingo. Ngikubuka njengobuwula ukulwa impi engenasicoco, nokwenza into ngoba nakhu ngithi ngithenga amehlo abantu. 
Bakhuluma bayoma labethanda khona ngami kodwa mina ngiseyimina angingcunzuki ndawo, ngiseyimina nje futhi ngisaqhubeka nokuhleka nabo bonke abantu noma ngibazi abanye ukuthi abangifiseli okuhle. 
Impumelelo yethu isezandleni zoMdali neDlozi/Thongo hayi kubantu nje. Sidlula befungile bethi angeze sibelutho, basibone sesiwajombile amafindo abo sesikwa mpumelelo. 
Ukuthula kuyamakha umuntu kunokukhuluma into engakhi. UNkulunkulu neDlozi liyaqhela kumuntu okhulumela futhi. 
Uma simdinga eduze kwethu UNkulunkulu neDlozi asikhethe ukuthula.