Ngifun’ ukuzwa kunjani…,

Ukuthi kunjan ukusuka la emhlabeni!

Ngindizele phezul’ esibhakabhakeni,

Ngifun’ ukushayw’ umoya

Ngoba la kwelikaMthaniya ziyabuya!

Ngifun’ ukundiza nazo zonke izinyoni zezulu:

Ngifun’ ukundiza namajuba…!

Won’ abusw’ ubumnene, uthando nokuthula.

Ngoba emhlabeni kumapeketwana

Isikhuni sesibuya nomkhwezeli!

Ngifun’ ukundiza nokhozi…!

Lona olungahlali namnyevuzi alinamkhozi

Lona eliyibon’ iseza lè ingozi

Lizakhele isidleke phezul’ emadwaleni

Ngoba la emhlabeni kukhon’ oklebe,

Abaphilel’ ukuhlwith’ izinto zabanye.

Ngoba la emhlabeni kukhon’ amaqola,

Wona aphilela ukuqola abanye.

Uyisebenzela kanzima into,

Bona bayithathe nje ngozipho.

Ngifun’ ukuzindizela namalanda…!

Ukuphuma nokushona kwelanga,

Wona ayalandelana awanasimanga.

Wona angodokotela bezinkomo,

Ngoba bagqok’ ezimhloph’ izembatho

Angifun’ ukundiza nesikhova…!

Ngoba ngisab’ imisebenzi yobumnyama.

Angifun’ ukufel’ into engingayazi,

Bangibulale bathi ngithunywe umthakathi!

Kanti angifun’ ukundiza namalulwane!

Ngoba ngiyinyoni noma ngiyigundane, angizazi!

Ngithand’ impilo eqondile nemsulwa

Angifun’ ukundiza namanqe

Won’ aphilel’ ukuzulazula ahluph’ abanye

Aphila futhi asizakala ngent’ ezifele

Angiyithand’ leyo mpilo yokukhathaz’ abanye

Angifun’ ukundiza namagwababa…!

Ngoba wona athand’ izindaba,

Lezi axoxelwa zona uma echobana.

Ngifun’ ukundiza namahlokohloko!

Ngoba awazwani nobusika kodwa nehlobo.

Ihlobo nehlobo ayafuduka nje wonk’ umhlaba

Nami ngifun’ ukujikeleza wonk’ umhlaba.

Ngifun’ ukundiza ne-Fish eagle…!

Ngifun’ ukundiza nama-Seagulls …!

Njengawo ngifun’ ukusuthiswa izinhlanzi zolwandle

Ngifun’ ukundiza nothekwane …!

Won’ angakugizi qakala abantu bathini ,

Bayawuhleka bathi mubi .

Wona uyazazi, uyazethemba uthi muhle!

Mami ngimuhle noma bethi ngimubi

Ngifun’ ukuzindizela noncede…!

Ngibe mncane kodwa ngihlakaniphe

Ngifun’ ukundiza nezinyoni zezulu

Ngiziphilele ngokuziculela izingoma,

Ezenanela injabulo nokuthula enginakho

Ngikhohlwe izinkinga zalo mhlaba

Ngifun’ ukundiza…!

ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane