Vula amasango ngingene yimi ngimelangaphandle kwenhliziyo yakho
Vulinhliziyo ngingene ngehlel’ekujuleni
Ngihlale nayo ngiyixoxele ngiye ngiyichazele ngothando idele ezibilini zayo
Ngitshale imbewu yothando lwaphakade
Ungabe usawaphosa buqamama amaqhaphelo vumel’inhliziyo ivule igumbi
Lapho kuhlala khona uthando
Noma kwenyukela ikhona indlela kwathando ngifisa ukuba umcabango kuwe,Ngizibone ngidweba uphawu lwenhliziyo kuwe,ngizidele ngengaphakathi ngiphile kuwe..
Uthando lwethu ngifisa lunabe nezimpande
Ukuze luhlobe ngaphakathi luphinde luqine
Tshel’ingqondo ingilandele silandise inhliziyo ngothando eliqukethe
Masiqale ngamalangabi omlilo elivutha
Ngawo kweyami behla ngawo wonke amalungu omzimba lungilinga
Ngiyivimba ingqondo seyicabanga mawala
What do we do maybe we do the I do’s i do love you do you