Ekukhuleni kwami bekungathi nganyiwa yinyoni,

Okanye kangizalwanga ngaqhum’ etsheni,

Ngoba mina ngenzeni kubani?

Ukuze ngizophila ngaloluhlob’ emhlabeni.

Ngangingekho ebusheni bukamama nobaba,

Kodwa namhlanje lokho sekungenza ngiphile ngokwesaba,

Nezingxabano zabo kangazi zasuka kanjani,

Kangazi nokuba bexabane babebangani,

Angiyazi nembangela yokushona kuka mama wami.

Umama wahamb’ emhlabeni ngingakamazi,

Nothando lwakhe kangilwazi,

Kodwa namuhla konke lokho kuyangithungatha,

Emoyeni wami kungephul’ amalung’ onk’ omzimba kuyangikhungatha,

Yebo buhlungu ngiyavuma manje ngiyakwembatha.

Ubaba wami ukude nami,

Ngihlala nezihlobo kanginamngani,

Kulomndeni kangazi sinogogo sabangani,

Ngoba njalo ngephuth’ elincane ungishaya nganoma yingani,

Ungishaya noma yikuph’ emzimben’ angacabangi,

Nokuthi ngingalimala noma angishaye kabi, ngisangane,

Ngishaywa ngibe ngilandelwa ngayiziswan’ amagama,

Athi ” uyihlo Kube akayilalanga

Ingane kasisi ngab’ isaphila,

Ngakho wen’ uzosikhokha lesisibhongo,

Angisiyen’ owakini mina ngizokubhukuza”,

Athi eqamb’ eshiwo lamazwi mina ngisuke ngibhulwa,

Ngingemlilo noma amathambo wezangoma mhlampe ngiyakhula.

Empilweni yami kangiyaz’ injabulo,

Njalo ngilala ngibanjwe ngezenduk’ izidubulo,

Ngibuye ngizibuze ukuth’ uma kunjena

Kungan’ umam’ engavelanga wangihushula,

Ngoba manje mina ngijeziselw’ izon’ engingazazi,

Emampeleni ngifel’izono zikababa