Nginokuzibuz’ ukuthi nkos’ yami ngonani kubani,

Ngoba ngisho ubani akafuni ukubonwa enami,

Mang’dlula basala bensinsitheka ngegama lami,

Basho amagama aziswana bayakhohlwa ukuthi angizidalanga,

Mihla namalanga ngilwa nomama ekhaya,

Ngisho nokuthi ukube akangizalanga ngabe angikho kuyo yonke lenkanankana,

Phela ekhaya ngingowok’qala ukuthi ngibe mnyama manje bayangicwasa

Ngathi angisiye owalay’khaya,

Sengilwela khona ukuthi ngibe nemali ukuze ngenze i-plastic surgery,

Nami ngike ngizwe ukuthi kunjani ukuba uphumalanga sikothe,

Mhlampe nabantu bayoqala bangithande.