Oh ngaze ngamthola umaqondana wami

Emva kweminyaka eminingi kangaka

ngicinga yena kodwa sengize ngamthola

sengicabanga nokumyisa ekhaya bambone

sengicabanga nokuvela Kubo

phela nomama Kade Kase ekhala ngomakoti

kodwa namuhla ngizomsula inyembezi

Indodana yakhe isikhulile manje angiseyona ingane

ngifuna kulilizelwe kume amathende

Oh ave ngikajahile ukumbona esefake ingubo emhlophe sebemthele ngenyongo

Esengu Mrs Khumalo

Kuningi engingakusho ngaye kodwa

Sengithi khumu ngothi ngisalibele

ukubhala bamthathe

BY Mamelo Mzinyane