Ungilahlise konke,

Uthando, inhlonipho ebenginayo ngawe,

Imicabango emihle ngawe,

Ehambisana nengoma kaqina dolo ,

Nethemba lokuthi konke kuzolunga ,

Kodwa- ke ,konke sekuyizeleze.

Awufunanga ukungipha ithuba,

Ithuba lokungazi, ukungifunda kanye nokungethemba njengendodakaz yakho,

Kunalokho wakhetha abantu bangaphandle,

Bakuholelela ophathe,

Ngokuba bakusengele ezimithiyo ngegama lami,

Wabhema wakholwa.

Ngiyini- ke mina?

Awungiphanga thuba ,

Kunalokho wafuna ukugqama wangacabanga,

Wangamelana nobulingiswa,

Wakhohlwa ukuthi hlezi phela amalahle awabuyeli ke eDandi.

Yebo khona ngiyakuxolela,

Kepha isilonda osishiye enhlizwen yami asinakufaniswa ,

Eminyakeni enginayo ngingenaphutha ,

Benginesifiso sokuthi wazi,

Ukuthi uxolo alunakususa izinkumbulo esinazo ngokwenzekile,

Bengifisa ubone,

Kodwa-ke seledume ledlula akusenani,

Hlezi uyobona .🧐