Phela lengane

Yazalwa yinsizwa nentombi

Ingeyase Manyamandeni ngokuzalwa

Kodw’ inkaba yasala koSgadiya

Kushuthi kungakho ngikwazi nokugiya

Ngikwazi nokulob’ okukhethekile kwajiya

Kwazise phela ngiyibhungu lezintombi

Ingakho ngiyisina muva ngani

Ngokwengqondo ngibukhali

Ngokwekhono ngingumbhali

Cha phela njengabantu bonke ngingumhlali

Enhlizweni ngiyimpunyel’ echakile

Umadunus’ alandelwe zintombi

Ngoba zithi wehlabile

Kanti chabo ngigobile nje

Nginalokuhluph’ okumnandi

Kokukwaz’ ukucikoza ngebhadi

Ngisakaz’ izinto ngizibeke ngembaba

Phela nengw’ idla ngamabala

Kunjalo nje kungobala

Phela ngingusdwaba 

Kasidabuki ngoba sidatshulwa 

Ngabanumzane

Ungibheke kahle Mina nginje

Kwazise nasesihogweni ngizobe nginje

Ngichith’ ubuchopho ngento yiz’ iyinye

Ngikubulala ngepeni nephepha ngikuminye

Ngikhon’ ukubon’ ikusasa ngamzuzu munye

Kushwaban’ abafokazane

Besabe nokukhaful’ igama

Bengibize ngomlisa mumbe

Phela ngilishumi lamadoda

Nensizwa ngaphezulu

Lasho laliduma nezulu

Phela sekuvel’ usikiz’ ezintombini

Isoka lezintombi zako sbanibani,

Ukubhanyabhanya kucash’ izinsinzwa

Zizwa ngengangamela yesipoki

Esinekhandalembuzi nezimpond’ ezine

Umajabuliswa yigazi ngob’ engena mizwa

Uzintaba kazikhonjwa ngoba ziyadilika 

Umakhonjwa ngobhozo, ngob’ igama kalibizwa

Umshana kamakhal’ esondel’ ezintombini

U “if organise we_nuh” yinsizwa leyo

Umangen’ eningini kukikiz’ omama

Kuhlanyazel’ iviyo

Kuvel’ uthand’ ezintombini

Umlobi kalotshw’ emabhukwini

Ngoba kokhal’ izigul’ emagunyini

Kahleni bo senikhohliwe yini

Nasesihogweni ngizobe nginje

By: Syethemba Dizzmar Thwala