NAMI NGINEMIZWA!

Nami nginay’ imizwa,

Nami ngiyezwela

Makukhulunywa okub’ngam

Ngoba ngingumuntu

Akush’ ukuth ngoba ngimnene

Kumel’ kwehlwe kwenyukel’phezu

Kwelam’ ikhanda

Hhay ngoba ngithule ,

Hhay ngob’ngithule ngiyislima

Nginenhliziyo emnene

Abantu bazenzel’ umathanda nje

Kweyam’ impilo.

Hohhe angizenzanga nam

Ukuba ngithobe nom’

Sekugcogconywa ekhand’ lam

Nami nginemizwa.