Mntanomuntu uthando luyivelo

Namehlo aphiwa ukubuka.

Inhliziyo izisikela la ithanda khona

Ayibheki ukuthi unani esibayeni nasephaketheni.

Uze ungixolele, ungixolisele nakubazali bakho

Ngokuthi ngikuthande kodwa ngibe ngingenalutho.

Ngizamile ukukuziba ngehluleka

Inhliziyo ingiqulisa amacala, ngibamba imhlangan’engapheli.

Ubuhle bakho bangidonsa ngiqala ukukubona

Nendlebe zam zalobizela ukuzwa iphimbo lakho.

Iphimbo lakho elimtoti labhala incwadi kweyami inhliziyo

Ngayifunda njengoba isibhaliwe ukuthi wena uwuyena udokotela ophethe injabulo yenhliziyo yam.

Mangibone wena ngikhohlwa yikho konke ukuhlupha inhliziyo yami

Nokuthi anginalutho ngikukhumbula ngoba nakhu ngingakuboni.

Elam iphupho elokuthi uhlale usemehlweni ami

Ngiswele wona amandla ngaba sengikuthathile.

Ungixolele ngokukuthanda nam angizenzanga

Ngenziwa yilenhliziyo ethi uma ibona wena ijabule.

Wena ungothandiweyo wami kweyami inhliziyo

Noma bangangeqela abanamandla ngithi lapho sengithole amandla ziyokhishwa ezinye.

Eseyishayile akakayosi, oseyosile akakayidli

Oseyidlile udle icala, kusho mina ngifunga amawethu ngithi insizwa edlula mina iyanuka.