MHLA NGIQALA UKUMBONA

Yebo,isthembiso sona asinyakazi simile.

Silinde umnikaz’ ukuba asifeze.

Yebo, kuningi engendlule kukho okungekuhle neze

Umbuz’uth kaz owangethembisa khona ngabe kusakhonani?

Uma kukhona ngabe kusengalifeza yin iphupho lakho konke owawukucabangile ngam mhla uqala ukungibona na??

Yebo ngikonile emoyeni, enyameni nasenhlizweni,

Yebo uphukile umoya ngengikwenzile okubi phambi komhlaba’nabantu bebhekile kepha bengaqondi ngidliwa yini, ngiphethwe yisifo esinjani esenza ngishitshe nezwii?

Ngiyakucela, ngyakuncenga ngiphe Mdali uxolo makwendlule nakweyam inhliziyo sekwanele manje.

Hleze thembalam owakubona kimi kwakwenza wangethemba usazophinda ukubone futhi.

Angiziboni ngiphula esakhi’sthembiso engasenza kweyam inhliziyo mhla ngikhetha ukuba nawe empilweni yam.

Kaz’owangthembisakhona akukashintshi yini?

Kungabe kusakhonani emqondweni wakho?

Sthandwasam,thembalam wenza isethembiso kimi, nam ngathemba kuthi esakhi’sthembiso kweyam inhliziyo ngzosgcina hleze sofezeke.

Ngikukhumbula konke owakusho mhla siqala ukubonana,wangbamba sakungisondeza wangibheka emehlweni wathi “kazi bewukephi sonke lesiskhathi koda thembalam?”.

Mmm! Yebo ngakhophozela ngingazi noma kufanele yini ngikuphendule ngingaz noma uma khona ngiphendula ngizothi bengikeph, kwazise akaze ngabuzwa lowo mbuzo.

Mmm! Yebo yilokanye ilanga lesethembiso. Kunjalo themba awubulal’uyaphilisa namanje yiwo kanye lamazwi angenza ngathemba kuthi ngeke wangishiya.

Kwazise zendlulile izinyanga, amaviki nezinsuku zilokhu zigijima ziphindaphindana izinombolo zesikhathi kuba ukusa, kuba ukuhlwa kanye nobusuku.

Kuningi futhi kukhulu okuhle engikuzuzile, hleze ngeke wakubona kulesi’skhashana ngazene nawe.

Hleze ucilo azishayise othiniYebo netshe selim’ngothi. Akusesikhathi singakanani lunqamuke uthi.

Akusemizuzu mingaki liwe netshe. 

Is’khath sifikile asifezw’esakho isthembiso. 

Isikhathi sifikile vele kade sasilindelwe.

Bebengena, bephuma, bevela babuye basithela kuhle kwenyoka beyihlokoloza emgodini wayo abantu empilweni yakho, koda mina ngimile futh ngisamile.

Uthe mina ngingokhethekile kweyakh’ mpilo ngeke ngasithela nhlobo.

Ngiyabonga ungifundile ukuzimisela, nokugxila ikakhulukazi emicabangweni emihle yekusasa, nemfundo yethu. Ungenze ngabona ukuthi empilweni ayikho into ezakalula konke kuza ngezithukuthuku. 

Compile by Makhosi …