Ungasali ubona siyasebenza!

Sifuna ukuphila impilo encono.

Sibenakho konke okumele sibenakho.

Nawe vuka siyophanda.

Sisebenzele ik’sasa lethu.

Ithemba alilahlwa.

Impilo isengakas’lahli.

Kusengenzeka noma ngabe yini esifuna yenzeke.

Ngisho yona imali eningi!

Impilo ifuna yona imali, yona lemali yimpilo yethu.

Masiphilele yona lemali.

Masingavumi kuthi iphume lula ezandleni zethu.

Ngoba nayo ayivumi ukufika lula.

Ithemba alilahlwa noma sekunzima, kub’hlungu.

Kufanele siyofela khona le, abanye abafela khona.

Impumelelo ayizi kalula.