Ngeliny’ ilanga kuyophela ngami,

Izintuthwane ziyosala zizenelisa

Ngesidumbu somzimba wami,

Izihlobo nabangani bayosala nosizi

Oluyobe lubhalw’ emehlweni

Ngiyobe sengilele kobandayo.

Uthul’ othulwini,

Umloth’ emlotheni

Kuyobe sekush’ umfundisi

Ethandazel’ elam’ ibhokisi.

Elam’ ibanga ngiyobe sengiliqedile

Umbhal’ uyosala nabaphilayo

Okuyoba yiwon’ oyonilandisa ngempilo

Ebengiyiphila ngisadl’ anhlavana.

Izinkondlo zami,

Yizon’ eseniyongikhumbula ngazo

Mhla ngalifulathela leli lembazo

Ngicela ningisize nikhulum’ enikwaziyo ngami,

Ningangikhulumel’ engingakwazi

Ngoba niyongivimbel’ endleleni Yami,

Eyekhaya kobabamkhulu.

Mhla ngifulathela,

Aniyongibek’ endawen’ epholile

Lapho ngiyolala khona ngiphumule,

Ngoba sengikhathele vele

Nize ningakhali kakhulu

Ngoba nasethuneni ngiyobe ngingedwa.

Mhla ngifulathela nize ningakhali

Ngoba ukukhala kwenu

Kuyongifikisel’ usizi

Ngiyazi kwizihlobo nabangani kuyobe kubuhlungu

Kepha ningakhohlwa phela ukuthi

Izinyembezi zenu ziyophenduka umfula

Oyongixaka ukuwuwela kwelizayo

Yizona eziyongibishisa kumfula wase Huze

Uma sengithetha amavaka Ami, akwamhlaba.

Ngisho lamazwi nje ngoba ezami,

Ezam’ izinsuku sezibaliwe

Ezokuthi nginishiye kwamhlaba

Ngiyazi akekh’ olwaziy’ usuku lwakhe

Kepha elami selibekiwe,

Bonke abathandwa yimina babekhona

Ngisho phela ngosuku lomshado wami wokugcina.

Namanje ngisalokhu ngizibuze njalo

Ukuthi engabe lon’ izulu ngiyolingena Na?

Bafowethu ebengiphila nabo

Nisasalelwe yisikhathi nosuku olunzima

Lapho okuyothi kusemnandi nizithokozisa

Kungene ucingo noma nibone nge- post’ ethi

“Akasekh’ emhlaben’ ebenikade ninaye”

Ingabe niyolwazi yini ukulibhek’ ibhokisi

Engiyobe ngilele kulona okokugcina?

Ngosuku lomlindelo niyokwazi yin’ ukufakaza ngami?

Niyoyimela yin’ imicabang’ eyofika makufakazwa ngami?

Niyokwazi yini ukungibona sengithule u-du?

Kungasekho kumamatheka namahlaya wami?

Sengifana nesigubhu eainganyakazi.

Kunesikhathi esiyofika

Koth’ Uma kufika leso sikhathi

Yimi ngedwa oyobe ejabule

Mhla inyama yam’ ihlukana nomphefumulo wami

Mina ngiyobe ngiyobe ngijabulela ukuphumula

Ngiyobe ngijabulela ukuhlukana nosizi lomhlaba.

Babodwa abayobe bekhala

Abanye babo bayobe bezisola

Bese abanye bayobe bedliwa unembeza

Abanye bayobe sebesaba ngisho ukubhekana nomndeni wami

Izinhliziyo zabo ziyobe zikhala igazi.

Othandiweyo wam’ uyosala nemibuzo eyize leze

Imibuzo engena kuphendulwa

Uyobe ekhala ubusuku nemini

Njalo Uma ebuka izithombe zami

Noma elalel’ izingxoxo zeth’ eziqoshiweyo.

Uyabona mhla inyama yami ihlukana nomphefumulo

Yilapho abantu abayobona khona

Ukubaluleka kwami ezimpilweni zabo

Mhla ngifulathela

Yilapho eniyoqala khona niveze uthand’ eninalo ngami

Kulapho abanye beyofisa khona ukube ngisaphila

Khona oyodliwa unembeza aze afise ukube

Wangithanda ngendlela engangimthanda ngayo

Khona oyofisa bemlethele amanzi bethi uyaphupha

Ngiyofa futhi ngeke nikholwe.

Niyoqoqelan’ ekhaya notice kukhanya isiban’ emsamu

Izingubo zami nombhede sekuqoqiwe kwabekwa

Niyongena kanye namakholwa

Nani ngiyobe senibheme nakholwa.

Lapho mina ngiyobe sengithule

Ngiyobe sengilel’ obaphakad’ ubuthongo

Niyokhala nithi anginicabangeli

Niyobe senithi ngizicabangela ngedwa

Elokufa kalitsheli

Kepha umuf’ uyalizw’ Uma selifikile kuye

Nami mhla ngifulathela.

Angeke nginazise sengihamba

Angeke ngivalelise ngolwam’ uhambo

Kumanje ngimatasa ngilungisa umphako

U- ” please don’t cry for me” no “grave is my home now”

Bayosala beyimibhalo

Mhla ngifulathela.

Ningakhohlwa ukuthi ngike ngaphila nani,

Ningalibali phela ukungikhuphula nami

Ukuze ngizokwamukeleka emindenini Yami

Awu Nkosi yami sengikhumbul’ izingane zami

Ezandlulayo ngingakalitholi ithuba

Lokuzibamba ngizigone nami

Mhla ngifulathela ngeke nginikhohlwe

Nami ngizonivakashela.

Mhla ngifulathela.