Manzi ezulu nomhlaba

Wena oletha injabulo

Wena othula kuzwakale

Abomile bakhangeza kuwe

Zonke izizwe zikhothama kuwe

Manzi agobhoza engaqedi.

Uma sewuthule uphuzise yonke i-afrika

Kunethe izimvula kugcwele imifila

Wena ugeza abagcolile

Sonke siphila ngawe

Manzi enjabulo enguna phakade

Eyakho injabulo ibonakala ngaphakathi

nangaphandle

Wena ongumsizi wabobonke

Konke kuyama ngawe kucwebe iziziba

Manzi athokozisa odangeleyo

Konke sikucela kuwe

Siyaphila ngawe

Manzi ezulu nomhlaba