Maning’awokungen’amasamgo.
Bangena bephila namuhla babambekile.
Bengena babethwabaza becing’ubumnandi
Babengenamyocu bengena namuhla bazinkubela.
Ungibona ngilapha nje ngafakwa ngekhanda,
Okwenyok’ingen’emgodini ngakhalakathela.
Iqiniso lithi nami siyangehlula lesijingi,
Bengilokhu ngith simnandi kanti
Singifihlel’induk’emqubeni.
Sithi lala lulaza ngizokwengula.
Njengenyoni ngizwe ngetsh’ekhanda,
Sesingiphendukel’esiswin’okotshwala.
Ngyayesab’injabulo yomzuzwana.
Maning’awokungen’amasamgo,
Awokuphum’ayantuleka, nelikhona lincinyane.
Ngabuza kwabaphambili kanti nabo badukile.
Indlela yab’ingiholel’ophathe.
Sengiyabakaza ngifuna ezokuphuma.
Lendlel’iphelel’emalibeni.
Wen’osayiqala, usengayiyeka.
Yizwa ngami ngiyihambil’inzima.
Kuseseduz’emuva kunaphambili.
Thin’esiyihambay’asinamuva naphambili.
Maning’awokungen’amasamgo
Nokudakwa lemizwa kuzindleko,
Nalemizwa edakiwe iyingozi.
Ngake ngaphuph’ukuziyek’izidakamizwa,
Ngyabona imizwa yami yayisadakiwe.
Noma ngingasathand’ukuyidakwa lemizwa,
Imizwa isifun’ukuhlal’idakiwe.
Abanye bafelwe ikusasa
Abanye bayizinswelaboya
Abanye sebalala bebaliw’emajele.
Abanye sihamba phezu kwabo
Abanye basezibhedlela babangwa nezibi.
Abanye baphanjanelwe ingqondo
Abanye sebaphunyuk’ogibeni.
Abanye basabishile, kumnandi kudelile.
Ngyafis’uyehla lenqola,
Kulula ukuyikhwela,
Kuyaqansel’ukuyehla.