Mangisebenze ngisenamandla nethuba lisekhona ngoba abuye aphele amandla, nethuba elihle ledlule.

Uma ngisebenze kahle angiyi kuba naluvalo, isikhathi osichithile siyadlula singabuyi noma ungathini wena awusenakusibuyisa.

Sebenza ke kusakhanya ngoba kuyeza ukuhlwa lapho ungeke usasebenza noma usufisa kanjani.

Mangisebenze kusakhanya nomzali wami esekhona eduze nami esakwazi nokungeseka.

Mangisebenze ngokuzimisela kusekhona abantu abafisayo ukungibona ngiphumelela ngiqhubekela phambili.

Siyeza leso sikhathi lapho ngizothi ngiyavuka aphele amandla lapho sebengilahle bonke abangithandayo, ngithi ngikhala ngingaziwa muntu.

Mangisebenze ngokuzikhandla ngisenamandla, nomfutho kanye okhaliphile.

Kuyothi lapho ephela amandla abangani nezihlobo baqhele eduze kwami ngakho mangivuke ngizicoshe amandla engakapheli.

Mangisebenze ngisenamandla ngisebenzele umndeni wami kanye nabantwana bami ukuze bezosala nesinkwa sangunaphakade mhla amandla ami ephela.

Mangisebenze ngokuzigqaja nokuziqhayisa kwazise phela ngisemusha namandla asekhona.

Mangisebenze ngenkuthalo nangokuzethemba amandla engakapheli ukuze ngifeze zonke izifiso zami.

Mangisebenze ngisenentshisekelo nogqozi nokuziqhayisa kwazise amandla asekhona.

Mangisebenze ngisaphila! Mangisebenze ngisenamandla!