Angizizwa ngiphephile eduze kwakho

Angizizwa ngiphephile uma ukhona

Ukuhlala nawe wedwa kungenza ngibe novalo

Ngihlezi nginovalo

Uvalo lokuthi ungase uphinde lokhu owakwenza Kimi

Nginamahloni nokusho ebantwini ukuthi wena ungumalume wami

Impilo yami angiyiboni iyaphambili futhi angiyiboni iya emumva kepha imile nje

Nialo uma ngigumula kubuya isithombe namazwi akho, ungigumula,ungitshela ukuthi ngimnanxi nginomzimba omuhle

Angisazi ngibike kobani ngoba noma ngingayobika kwabakasdlondlo,uzoboshwa namuhla kusasa ukhishwe

Ngiyakhala ngikhalela ubulungiswa

Nomhlaba esiphila kuwona awusaphephile

Kepha liyeza elakho ilanga, lapho uyobhekana namacala akho

Nami ngizothola ubulungiswa

Malume