Lingode KaNdaba!
Mnikwa nomdidwa!
Wena ka Phikela
Lebe liyabhakuza!
Jange kaHhoyiyane!
Gqigqi kaNzamela!
Ncuncu ephuza kwezide iziziba ngoba mayiphuza kwezimfushane ibuya nodaka .
Shuqulu kazibalwa zibalwa abazaziyo.
Nomasikisiki!
Nyoni esindwa isisila sayo.
Sihlahla zomdlebe ezingahlalwa nyoni , yahlala ibhamuka amehlo .
Wena owadela isilwane wathenga amadoda ngoba ayokusebenzela .
Nkonyane yenkosi!