Lingode KaNdaba!

Mnikwa nomdidwa!

Wena ka Phikela

Lebe liyabhakuza!

Jange kaHhoyiyane!

Gqigqi kaNzamela!

Ncuncu ephuza kwezide iziziba ngoba mayiphuza kwezimfushane ibuya nodaka .

Shuqulu kazibalwa zibalwa abazaziyo.

Nomasikisiki!

Nyoni esindwa isisila sayo.

Sihlahla zomdlebe ezingahlalwa nyoni , yahlala ibhamuka amehlo .

Wena owadela isilwane wathenga amadoda ngoba ayokusebenzela .

Nkonyane yenkosi!