Uthando lwethu sinawe lwalumnandi nkosazane,

Ngathingi mina naw’ emshadweni siyoya sishelela,

Bese nemindeni yeth’ ibumban’ iphinde yazane,

Kanti kangibuzang’ elangen’ uthando kuwe luzoziphelela.

Ngazama nokukuncenga kwazinhlanga zimuka nomoya,

Ngase nami ngibon’ ukuthi lawa ngamaloyo,

Inking’ ukuthi ngikuthanda kakhulu musungala,

Kuvele kuphelel’ obala nokuthi yimin’ umsunguli,

Wokukucel’ uthando kodwa manje sengiyamangala,

Ngiyasola len’ eyethu yangenwa ngabakhunkuli.

Ngasala ngikhala ngibalisa ngob’ ungalile,

Ngazama nokuthumel’ imilayezo ngingabalile,

Inhliziyo yadabuka phakathi mhla ngizwa lamazw’ akho,

athi kuwena selwaphel’ olwam’ uthando,

Kwehluleka noma sengithi ngiyakuncenga ngikubamb’ ingalo,

Wayihlithula ngasala ngingedwa nenhliziy’ eqaqambayo.

Mntakwethu ngathi wen’ uyakhohlw’ ukuthi ngafak’ okuningi kulolu thando,

Ngashiya nabazali bami ngenxa yokuthanda wena,

Kazange ngalalela nabo malume bengiluleka ngawe,

Amathemb’ ami wonke ngase sengiwabeke kuwena,

Nomuzi wethu kade sengith’ uyokwakhiwa nguwena,

Kodwa akusenani ngithi nje hamba juba bayokucutha phambili.

Angikubholofidi kodwa nje ngithi kuwe,

Ngeliny’ ilang’ uyolukhumbula loluthando lwami,

Ngoba nguwen’ owangalayo ngingashilo lutho kuwe,

Uyoth’ uqamb’ uvus’ amehlo ngiyobe sengikude,

Ngoba phel’ uthando lwami lwaphela ngakuwe,

Futhi mina ngingashilo lutho.