LINGUKHIYE

Lingukhiye liyameseka usimakade.

Engani ishilo incwadi engcwele yathi masingasebenzi ngalo.

Engani ibikile yathi asiyukubasa namililo ngalo.

Yasho yaphindelela asiyikusebenza ngalo, asiyukuthwala mithwalo ngalo.

Vumani mazulu lingumkhosi kajehova oyngcwele olokudumisa ujehova kuphela.

Lithi izwi lika smakade gcinani amasabatha ami niwangcwelisa.

Nilonelani oluhle kangaka usuku.

Lukhethwe emazulwini lumelwe ukuhlonishwa nanoma ubani. Alikhethe bala lamuntu elethu sonke mazulu ngisho isabatha.

IBHALWEUMAKHOSI SHWALA