Lempilo engiyiphilayo ayikho mnandi

.

Ngiyaphila ngoba ngiya phefumula,

Kahlehle akusiyo impilo lena,

Ngifumbethe usizi lwempilo,

Ngifumbethe ubunzima bempilo,

Kunzima ukuphila kulo mhlaba,

Lempilo engiyiphilayo.

.

Ayikho impilo kulempilo,

Bekuyini isizathu sokuphila,

Mihla namalanga ngiyabalisa,

Mihla namalanga ngidangele,

Ukuphuma kwelanga sekwafana nokushona kwelanga,

Ngiphenduka nelanga ngijika nelanga.

.

Lempilo engiyiphilayo yimbi,

Ngibathe ngiyazama ukunambitha,

Ngibathe ngiyabekezela lutho ayikhomnandi,

Lapho bethi ibambe ishisa,

Ngayibamba kanjani intembi na?

Abukho ubumnandi kule mpilo.

.

Ngiyaphila ngoba ngiyahamba,

Sengafana nofile ephila,

Sengafana nongekho ekhona,

Ayikho impilo kule mpilo,

Ngaphila kanjani kunzima ukuphila.

.

Lempilo engiyiphilayo,

Bayabusa oManqoba bayoyi nqoba noma kunzima,

Bayabusa oPhilile bokhona ukuphila,

Mina Ngingu Mxolisi,

Ngiyaxolisa ayangehlula lempilo.

.

#Nginguye_enginguye

By: Sandile Agrippa jama-kamnisi