Ukusiza umuntu akulona icala

Kungeyona ne nkinga futhi.

Inkinga iqa uma wena usuhamba ushel’abantu

“Umbona enje yimi ngamsiza”.

Ubuthunywe noma ubucelwe ubani?

Ukusiza abantu akuqali ngawe

Kungeze futhi kugcine ngawe.

Leligama elithi ‘ubuntu’

Lisuselwe khona ekusizaneni kwabantu.

Asibasize abantu

Kodwa hayi ngeso loduma noma lenzuzo.

Odadewethu banezibazi abayoze bayoshona nazo egodini

Ngoba basizwa umuntu owayebheke inzuzo kwabaphoqa ukuthi abamkhokhele ngalendlela ayefuna ngayo.

Kudela owaziyo ukuthi bazizwa benjani

Ngokuhlukumeza ingane zabantu.

Nahlanje siphila kwesinye isikhathi

Ngisho lapho kudayiswa nezinto ezingadayiswa.

Uthi umuntu elambile efuna umsebenzi

Libe limile ibhoklolo libhek’inkokhelo.

Ngizothathaphi imali yokuthenga umsebenzi

Ngivele ngingasebenzi?

Bekuyini ukusiza umuntu

Uzitholele izibusiso?