Ngicela ukuqala ngemvelo, mina angizethembi lezi zandla eziyamukelayo.
Ngike ngibuke laba asebenawo umhlaba ngibona ngathi ayikho indaba yabo.
Uyazi okwabo kuyadabukisa ngisho umhlaba wabo awusenampilo.
Sekuyimigodi nezihlahla ezindala obonayo ukuthi ubusebenza ngezikhathi zawo.
Uma sisahlulwa ukunakekela umhlaba sizokwenza njani ngokuphila kuwo.
Abamhlophe mina ngiyabancamela ngoba ngathi bayayazi into yabo.
Ngisho ngoba bayayicabangela nenkathi ezayo buka izilwane zinamalungelo.
Cishe ukuba bekungenjalo ngabe sesabhubhudla saqeda kwasala kungumlando.
Hhayi phela ngiyamazi umuntu omnyama uma eke wathola amandla kuba nguye obukwayo.
Nabasezikhundleni bacabangela imindeni yabo bekhohlwe isigaba ababekwe kuso ukuphakamisa bonke abantulayo.
Ngapha nabebala abazibekile basixabanisa sodwa baphehla ingxabano.
Angiphathi ke uma kuke kwalwa abasemandleni baningi abantulayo abathintekayo.
Angithi uma kududulana izinkunzi kuba utshani obulimalayo.

Angazi noma ingoba umuntu wayengekho yini emandulo kodwa ngibona ngathi kwakungcono.
Ngisho ngoba noma babesihlukumeza kodwa nomsebenzi kwakulula ukuwuthola.
Kanti manje usuke uthole ikhaya elinamadoda ayisithupha kuwo wonke akukho neyodwa esebenzayo.
Mina angazi yini le engaka esivale amehlo.

Bese ngithi ngiyathula kodwa nansi enye indaba mina ngicela ukubuza.
Bese nike naya yini kodwa ezikoleni nafike nabuka?
Konakele laphayana mina kangifuni ukunikhohlisa.
Odadewethu abancane baqophisana ngokuthathelana kuthiwa indoda umamtshelekwane lokho bayakukholwa.
Bakholelwa ekutheni kumele bakhulelisane ukuze kuqine uthando, nathando yini amanyala lawa.
Kodwa ke leyo ake siyiyeke siyoyikhuluma ngelinye ilanga.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi kulamadoda abaqhudelana ngawo nothisha bayabaleka, impela manje ziyakhala.
Maye ngayisho lento ngaphandle kokungabaza kodwa sengiyesaba.
Phela kumomhlaba kwathiwa kukwafel’ubala ngoba neqiniso lilihle linjalo kodwa uyalifela.

Ngiyazi abanye sebefuna ngithule kodwa ngiyakhala ngentsha yaleliZwe.
Lafa elihle kakhulu futhi selifa ngathi okwangempela ke manje.
Uyazi babonakala emehlweni ukuthi abasayingeni ngempela ke empeleni bakhohliwe.
Okubuhlungu ukuthi bakhohlwe kabi impi yomuntu omnyama ingamile.
Angazi noma ukungaqondi noma vele bazidelile ukuthi bona sebengananqotshiwe.
Uma ngempela isitha sigadle entsheni ngiyavuma ukugadla kwaso kuzwelile.
Sahluliwe kumele sivume lempi ngeke siphinde siyinqobe ngathi kuphelile.
Sengikhalela isizukulwane esizayo sona esiyofica zoke izinto zixakekile.
Noma sengingathula manje obekungaphakathi sengikubhodlile.