Ngizwe izinyoni zinkeneneza ngalo iphimbo elimtoti.

Ngezwa kuzamazama izindonga zenhliziyo yami.

Kwageleza uthando lwakho emithanjeni

Yegazi lami.

Uyigqekezile eyami inhliziyo mntakwethu,

Ngezwa isinela iculo lothando lwethu.

Yebo ngiyavuma ikusaselihle ulakhile.

Asibambisane bambo lwami kukhulu

Esesikwakhile.

Usizi nezinyembezi ngawe ngizithwalile.

NjengoSmangele ngisamangazwe ukuthi 

Noma kunjalo kusakhala isginci sakho kweyami inhliziyo.

Cela ungihlebele ukuthi wenza ngani.

Ngixolele sthandwa sami angizange ngibe uThembekile kuwena.

Amaphutha amaningi ngiwakhandile,

Ngasengikhomba ulwembu emehlweni akho, ngakhohlwa ukukhipha olwami olugcwele okomfula uThukela.

Ngicela ungithwalise loluthando lwethu

Oluyimpicabadala.

Ngalendlela esayalwa ngayo abadala.

Khumbula qhawe lami ukuthi ngikuthanda ngothando lwakudala.

Ngiseyiyona lembali owayikhetha engadini isibunile ,kepha wayinisela ngothando lwakho yaqhakaza.

Qhubeka utshale imbewu enhle phakade lami ngoba mina nawe sofa silahlane💓