Ngindlule amagquma

Namagqumakazi.

Ngandlula izintaba

Nezintabakazi.

Kodwa lutho ukufika!

Ngandlula amahlathi

Namahlathikazi.

Ngandlula imifula nemifulakazi.

Kodwa lutho ukufika!

Kukude phambili,kukude emuva!

Abanye nabaya sebewelile,

Kimina kufike ukukhathala.

Kimina kufike usizi olunzulu.

Ngithi ngiyahamba akuhambeki.

Kubuhlungu izinyawo

Kugexa namadolo.

Uthi ngizowelela ngaphesheya nje?

Ngithi ngiya emuva

Kukude futhi kuyesabeka,

Phambili kuyakhanya

Kodwa kuyenyukela.

Hhayi phambili ngiyaya!

Nabaya ozakithi sebewelile.

Sebewutholile lomthombo!

Umthombo ogobhozayo,

Ogobhoza ingunaphakade.

Sebephumule sebephumule!

Yebo sebejabule impela,

Sebekufumene ukuphumula

Ukuphumula kwaphakade.

Kimina kungumqansa.

Kukude phambili kukude emuva!