Sengihlulekile manje

Kunzima ngiyazama kuphela amandla

Ngiyazama ukuchaza kepha akukho

Namunye ongizwayo ngiyasha mama

Ngizwa ngathi umhlaba uyangijikela

Ngiyazama ukuveza izimpawu kepha Kunzima

Akekho namunye ozibonayo

Mama ngikhathele manje

Ukufa kwami kusobala kuzongibulala

Ngihambile Zonke izibhendlela

Kuphele ngisho imali namathemba okusinda

Ngiyasha inhliziyo indabukile mah

Dokotela siza ngiyafa bo

Lekelela mama “aaaah”

Kunzima sesiside lesikhathi ngixoleleni

Bazali bami bengifisa ukuba nani

Kepha ngiyabona kuyangigqoba ukufa

Ngiyazi mama awunalutho esandleni

Yingakho ngikhethe ukuthula ngoxolo

Nokuba uhlukumezele ngibuka ngawayizolo

Uze ungikhonzele kowami untwana

Benginezifiso ezinkulu kepha ubuhlungu mama,

Mama uze ungixolele bekungeyona inhloso

Kepha ngithemba uzoqonda emva kwenxesha

Uze ungixolisele nakwabangithandayo

Ngiyethemba lapha engibheke khona

Ngizophola kulama nxeba

Indlela yami isivuthiwe emazulwini

Bengifisa ukuthola usizo ngesikhathi

Mama uze ungazisoli unqina mama

Bomakhelwane bami niyenzile indlela yami yanzima

Okuhle kodwa kini ngiyethemba nijabule

Nithokozile ngohambo lwami.

Ndlovukazi yami uze ungakhali

Lona oseleyo uyohlezi ekukhumbuza Mina

Uyophenduka uqobo lwami uze umphathe kahle

Umfundise indlela enhle

Haaa! Mama ngiyasha