Hawu, sahlukunyezwa kangaka,

Kwenzenjani emhlabeni ,

Saze safa isizwe sethu ,

Kubulawa izingane kanye nomama,

Kodwa mhlaba wangcola kangaka ,

Yini ngempela kukhona,

Abadlwenguli , izigebengu ngaphandle,

Kodwa mhlaba soneni kangaka,

Amaphoyisa awenzi umsebenzi wawo,

Abezepolitiki baya khwabanisa ,

Siyabulalwa ngapha nangapha,

Awww ! Kodwa mhlaba.