Asiphileli imali kodwa izingqinamba esihlangabezana nazo zidinga imali.

Babodwa abafisela abanye ithunzi elimnyama kodwa bona mabethandaza bacela ukukhanya.

Babodwa abenza izinto zobumnyama, bakhohlwe ukuthi okwenzeka ebumnyameni kuyakuvela nasekukhanyeni.

Babodwa abaphendla indlela eya empumelelweni ngegazi labantu.

Baningi ababonile, baningi abangofakazi kodwa ukuze bazivikele kumele bashaye engathi ababonanga.

*Khuluma Nkondlo*