Inhliziyo yami iyathokoza ngawe!

Noma abanye betjhilo, bethi, asifanelani, siyafanelana, futhi injabulo yami nguwe.

Uthando lwami lonke, ngilufakile, enhlizweni yakho, soze ngiyeke uku thandana nawe.

Wena uhlezi ungijabulisa, ungithoba amanceba, ngawe ngibona impumelelo.

Obakho, bukhanyisile, ngathola wena, Khanyisile.

Ebumnyameni, uhlezi ukhanya, ubuhle bakho, buhlezi bukhanyise njalo.

Noma izwe lonke lingacitjha, kubemnyama, ngiyohlezi ngithemba wena.

Ngiyohlezi ngibonga amadlozi akho, angilethele wena, akuphathisa umkhanyo okhanyisa izwe lonke.

Ngithi futhi, noma kungabamnyama, ezweni lonke, ngiyohlezi ngithemba wena, Khanyisile.

Ngiyohlezi ngifuna wena, ungumkhanyo wami, ngaphandle kwakho ngibona ubumnyama.

Wena, uphethe umkhanyo, odlula uku khanya kwe langa.

Uyikhanyisile eyami inhliziyo, ungiphile uthando.

Wangibonisa ubuhle bomhlaba, kwakhanya nalapho ebekungakhanyi khona.

Inhliziyo yami, yanilisekile ngawe.

Khanyisile ngicela ungasuki empilweni yami, empeleni usungumphefumulo wami, uyimpilo yami.

Khanyisile, khanyisa nayi indlela eya empumelelweni.

Akukhanye, ubuhle bakho bukhanyise.

Ngibonge njalo, ukhanyisile ngathola impumelelo, nguwe impumelelo yami, Khanyisile wami.