Ngaqashwa kwinkampani yothando engenathando.

Ngihlale nginikela kepha kungenanzuzo.

Ngingalilahli ithemba ngenziwa imizwa.

Noma singeze sangikholwa isizwe, kepha ngasala nentshidi, ngasala nesidanga sovondwe.

Ngaqashwa kwinkampani yothando engenathando.

Umphathi wami egidagida phez’kwenhliziyo Yami, kwasekuphela ngami.

Ngangisebenza imini nobusuku ngivika izinduku zamanye amantombazane ayethandana nawo.

Ucingo lwami lungaphumuli bengithuka.

Inhliziyo igobhoza igazi bethi ngiyinyumba.

Ngizulelwa amanqe ngilala ngivule elilodwa.

Kanti nosofa silahlane wami engidlala ngiyibhola.

Kanti injani ngempela inkampani yothando.

Ngaqashwa kwinkampani yothando engenathando.

Ngisebenza iminyaka ngikhokhelwa ngemvula yezinyembezi,

Ngijuluka ngijulukela usizi.

Mhlawumbe inhliziyo Yami bekungezinye yezitolo, ngoba ubetapa exova uthando lwami.

Ethi uyangithanda Kanti usibhanqa ngobuningi.

Ngiyinhlekisa nokungena dosi kuhleba ngami.

Waze wenza isilo sengubo ngempilo Yami.

Nganikela ngakho konke kumphathi ongenampatho, ngase ngixoshwa kunganasizathu.

Kanti injani ngempela inkampani yothando.