IZINTO ZENZEKA
Okuhle nokubi kwenzeka ngesikhathi esahlukene;
I still remember the day were sonke besijabule;
Lapho wonke umuntu ebekhipha elomhlathi kungekho noyedwa obehlinile;
But kwaba buhlungu uma sesizwa ukuthi usesishiyile.

IZINTO ZENZEKA
Savanna wasishiya sonke sididekile;
Wahamba washiya umndeni ushaqekile;
Wahamba washiya abangani bephukile;
On that day akekho noyedwa obejabulile;
Instead abantu abaningi esikanandi basikhihlile.

IZINTO ZENZEKA
Inkumbulo iyohlezi ikhona noma sikuphi;
Sengisho noma sisesikoleni;
Noma sihamba emigwqeni;
Ngingasasho emsebenzini;
Nginga khohlwa kanjani emphakathini;

IZINTO ZENZEKA
Yazz ngathi singabuyisela isikhathi emuva;
Kodwa lokho kube kungeke kusenzeka;
Ngoba nakhu selidume ledlula;
Sengathi umndeni ungathola ukwamukela;
Ngiyazi asoze kwaba lula;
But uma ningabambisana;
Konke kuzolunga;
Konke kuzondlula;
Sengathi umoya wakho ungalala ngokuthula.

MAY YOUR SOULS REST IN PEACE
Mrs Nkosi
Mrs Mlambo
Mr Oliphant
Thembalentsha High School Beloved Teacher’s