Uyinkomazi enonophele!

Ufikil’ ezweni lase Afrika

lapho kungazelele muntu.

Bathe besakwakhel’ umkhanya,

wakhiph’ imibele yakh’ emide,

equmb’ ulwazi oluvela kubalobi bamazing’ ahlukene.

Wayijikijela kwenanela zonkinhlanga

nezingaphesheya kwamagquma namathafa

ezwenikazi lonkana.

Kwancela wena matshitshi nama jongosi.

Kwaze kwancel’ izalukazi namakhehla imbala.

π‘Όπ’šπ’Šπ’π’”π’†π’π’ˆπ’˜π’‚π’Œπ’‚π’›π’Š!

Ungenil’ endlin’ emnyama,kwahlangan’ abomdabu nabezizwe.

Badla,bancind’ okhambeni lunye

ubisi olunothile nolumtoti.

Bashiyelan’ ulwazi lwezindaba ezahlukene.

Bathe besafundel’ ubumnandi,bathinteka.

Bathe besathintekile abanye bavuseleleka.

Bathe besavuseleka abanye lwabashintsh’ indlel’ abenza ngayo,

abacabanga ngayo kanye nesimilo.

Abanye lwabakhumbuza ububona,imvelaphi,

kanye nezimpande zabo eziphelelisa ububona.

Luphinde luthinte nemimoya.

Ufike waphos’ inselelo kwembulek’ amakhono

kwabasondelile kuwe.

Ngawe ababhali bemidlalo yeshashalazi bazalwa.

Ngawe izimbongi kanye nababhali bama eseyi,bazalwa.

Ngawe izizukulwane ezikhaliphile

zizoncela zize zitshokoze ulwazi oluphusile,

nolwakha abantwana bale Ngabadi.

Uyibekil’ induku ebandla.

Awukhethanga fumuka nasilaza.

Nwelolude!

ibhalwe u Thandeka ka Fabian no Sheila Gravies