Lelithuba ngilifune ngalithola

Lelithuba alivelanga njengemana

Lelithuba ngilijulukele

Lelithuba nginemihuzuku yokulishikilela

Lelithuba elami

Kuze ngilithole angithakathanga muntu

Kuze ngilithole angifumbathisanga muntu

Kuze ngilithole angingcolisanga sithunzi sami

Kulo angikhiphanga mphefumulo wamuntu

Kulelithuba ngila ngikhona ngenxa yokuzimisela nokuzikhandla nokwazi ukuthi ngalifunelani kwasekuqaleni

Lona ngizolibamba ngezandla zombili

Lona angizoliphucwa muntu

Angiqhoshi kodwa lelithuba elami ngisho kungathiwani

Ngisho zingangibhaxabula izimo empilweni kodwa lona angilidedeli, ngizolibamba ngamazinyo uma kufanele Lelithuba elami