Isono sakhe ukub’intandane

Akekho ofisa ukumnakekela amvikele

Kulomhlab’ogcwele izibungu

Akekho ofisa ukudlala indima yokuba umzali

Kuyena,abazali bakhe balele kobandayo bamshiya

Engazelele

Isono sakhe sinye ukuba intandane

Umthwalo awuthwele ungaphezulu kwamandla

Akhe,umhlaba awukaze wamkhombisa Ubuntu

Injabulo ihambela kude naye okwelanga lasebusika

Ukuth’uzolala edleni uyazibonela

Ukuth’uzolala kuphi uyazibonela kuhle

Kwechwane lenyoka

Isono sakhe ukushiywa abazali bakhe emhlabeni

Ikhaya lakhe lisemgwaqeni

Ubusika nehlobo kuyafana kuye,imini

Nobusuku kuyafana kuye,imvula zehlobo

Ziphelela kuye zonke,akekho ofisa ukwazi ngaye

Wonk’umuntu uyamedlula ambize ngamagam’ ahlabayo, kwale ngisho esekhihla esikaNandi ecela ukuya ngasethunjini bambukisa okomuntu ongafanelwe ukuphila

Isono sakhe esokungabi nabazali

Imfudumalo nenjabulo uyizwa ngendaba,ikhaya elinothile akaze abe nalo,uthando lwabazali akaze waluthola,imihuzuko yakhe uzikhotha yena,akekho ofisa ukuba umzali kuyena,

Isono sakhe sisodwa,ukuba yintandane