Isono sakhe ukub’intandane
Akekho ofisa ukumnakekela amvikele
Kulomhlab’ogcwele izibungu
Akekho ofisa ukudlala indima yokuba umzali
Kuyena,abazali bakhe balele kobandayo bamshiya
Engazelele
Isono sakhe sinye ukuba intandane
Umthwalo awuthwele ungaphezulu kwamandla
Akhe,umhlaba awukaze wamkhombisa Ubuntu
Injabulo ihambela kude naye okwelanga lasebusika
Ukuth’uzolala edleni uyazibonela
Ukuth’uzolala kuphi uyazibonela kuhle
Kwechwane lenyoka
Isono sakhe ukushiywa abazali bakhe emhlabeni
Ikhaya lakhe lisemgwaqeni
Ubusika nehlobo kuyafana kuye,imini
Nobusuku kuyafana kuye,imvula zehlobo
Ziphelela kuye zonke,akekho ofisa ukwazi ngaye
Wonk’umuntu uyamedlula ambize ngamagam’ ahlabayo, kwale ngisho esekhihla esikaNandi ecela ukuya ngasethunjini bambukisa okomuntu ongafanelwe ukuphila
Isono sakhe esokungabi nabazali
Imfudumalo nenjabulo uyizwa ngendaba,ikhaya elinothile akaze abe nalo,uthando lwabazali akaze waluthola,imihuzuko yakhe uzikhotha yena,akekho ofisa ukuba umzali kuyena,
Isono sakhe sisodwa,ukuba yintandane