INKUMBULO

Lalela mzukulu,

Lento ngeke wayifanisa nalutho,

Ngangithi ngizomkhohlwa,

Ngangithi kuzoba into yesikhashana nje,

Ngangibakholwa mabethi kuzokwendlula.

Ngazama ngehluleka,

Namanje ngisandlulisa kodw’akwendluli.

Mzukul’uMkhul’wakho namanje akapheli kweyaminqondo,

Mzukul’ubusuku nemini kuyefana Kimi,

Mzukul’akulula njengoba besho,

Mhlawumb’abanye bakholwa kwendlule,

Lalela Mzukulu Mina nomkhuluwakho sasingamathe nolimi,

Nomdali wasihlanganisa ngokwazi,

Alukwazi Mzukul’ulimi ukuphil’amathe engekho,

Pho mina ngingaphila kanjani?

Inkumbulo Mzukulu ingefaniswe nalutho,

Sekuyiminyakanyaka Kodwa Lutho,

Phela mina naye sasihleka kuvelel’omhlathi,

Phela mina naye sasithand’inteyodwa,

Phela mina Naye sasizinkanyezi nesibhakabhaka,

Sasingabaphikisi mabethi singamaWele.

wohee! Mzukulu lezansuku,

Yizo Kanye ezenza ngisale ngihogel’usu,

Yizo Kanye ezenza ngiqalaz’enhla nasezansi,

Yizo Kanye Mzulukulu ezenz’inkumbul’ingapheli.

written by Makhosazane Ndwandwe Shwala