Selisinile laqeda udwende
Babuka badela abantu.
Kuyilowo nalowo
Esebekile ngakubonile.
Bebodwa abagxekayo
Futhi bebodwa abancomayo.
Kodwa ngithi kuyongena isinamuva
Liyosina kubengathi ingona uqala umcimbi.
Ngithi bayekele bagijime phambili
Kodwa ngithi liyeza elakho ithuba.
Uzoba umuntu ebantwini
Nobe ngakunakile uyofisa ukuziveza ukuthi uyakwazi.
Ezakho izibusiso ziyobadida
Bayohlangana ngamakhanda bahlukane.
Bayothi ushomuphi yena
UVundla Vundla?
Hayi ngoba bengakwazi
Inkinga kuzobe kuwukuthi kade bekungabaza.
Ungalilahli ithemba mnta kamame
Liyeza elakho ithuba.