Ngilala ngabo, ngivuke ngabo.

Isinkwa semihla ngemihla.

Liphuma lize lishone ngibukha.

Ngiphum’ekuseni ngibuye lishonile.

Mihla yonke, ngihlala ngidakiwe.

Ngiphethuka iphunga lezinsipho.

Amanzi nensipho abakhwekazi.

Nginuka ingwebu ekuseni.

Nasebusweni ngivuthiwe.

Nesibindi sami sivuthiwe.

Bengiyocel’usizo kuDokotela.

NoDokotela usephos’ithawula.

Uthe ngingabe ngisaliphos’ithawula.

Ngingabutholile ngigulela ukufa,

Uma ngiholile ngigula ngingaguli.

Laze layisilingo ibhodlela.

Ngizibhodlela ingwebu,

Ngenxa yebhodlela.

Mina nebhodlela sofa silahlane.

Sinuka phunga linye nebhodlela.

Nasekhaya sengabhodlela kubo,

Imisebenzi yebhodlela.

Izolo bengihamba ngibhabhalala.

Ngingabuthinta nje kuvuka obayizolo,

Ibhabhalazi umngani wam’omkhulu.

Ngiphuza nabangani abakhulu.

Siphuz’amabodlel’amakhulu.

Nasephaketheni sekuphel’amakhulu.

Amakhulu ayizinkulungwane.

Ebhange anginayo nenkulungwane.

Izikweletu zami ziyizinkulungwane.

Nezinkinga zami sezaba yizinkulungwane.

Ngidakwa ngishay’umkhulungwane.

Ngebhodlela ngishay’umkhulungwane.

Umfoweth’uboshiwe, ngenxa yakho.

Udadeweth’usesibhedlela, ngenxa yakho.

Lemoto ilele ngohlangothi, ngenxa yakho.

Lengane ayinababa, ngenxa yakho.

Etohweni ngixoshiwe, ngenxa yakho.

Umkhulu ukweliphakade, ngenxa yakho.

Ekhaya balambile, ngenxa yakho.

Ekhaya ngiwundlavini, ngenxa yakho.

Unembeza ulahlekile, ngenxa yakho.

Isimilo silahlekile, ngenxa yakho.

Imiz’ivaliwe, ngenxa yakho.

Anginamali nje, kungenxa yakho.

Nginezibazi nje, kungenxa yakho.

Nalenkondlo ngizoyiqedela ngibuya.

Ziyangibiz’izindlondlo zika Faro,

Sisayokha izinkamba zika Faro.